Lena inguqulo egciniwe Yenqubomgomo yethu Yobumfihlo. Bukainguqulo yamanje noma zonke izinguqulo ezandulele.

Inqubomgomo Yemfihlo

Kugcine ukubuyekezwa 24 Juni 2013 (buka izinhlobo ezilondoloziwe)

Ziningi izindlela ongasebenzisa ngazo izinhlelo zethu – ukucinga kanye nokwabelana ngolwazi, ukuxhumana nabanye abantu noma ukwenza izinto ezintsha. Uma wabelana ngolwazi nathi, isibonelo ngokwakha i-akhawunti yakwa-Googlesingenza lezo zinhlelo zibe ngcono – ukukukhombisa imiphumela yokucinga ehambisana kangcono nokucingayo kanye nezikhangiso, ukukusiza uxhumane nabantu noma ukwenza ukwabelana nabantu kusheshe futhi kube lula. Njengoba usebenzisa izinhlelo zethu, sifuna ukuthi ucacelwe ukuthi silusebenzisa kanjani ulwazi nanokuthi ungabuvikela kanjani ubumfihlo bakho.

Inqubomgomo yethu Yobumfihlo iyachaza:

  • Sithatha hloboni lwemininingwane nanokuthi siyithathelani.
  • Siyisebenzisa kanjani leyo mininingwane
  • Ungakukhetha esikunikeza khona, okubandakanya ukufinyelela nokubuyekeza imininingwane.

Sizamile ukugcina kulula ngakho konke okusemandleni kodwa uma ungenalo ulwazi lwamagama afana nelithi, cookies, ikheli le-IP, amathegi ama-pixex kanye neziphequluli, funda ngalamagamaabalulekilekuqala. Ubumfihlo bakho bubalulekile ku-Google ngakho ngisho ngabe umusha ku-Google noma kade waqala ukuwusebenzisa, uyacelwa ukuthi uthathe isikhathi sokuthi wazi izinqubo zethu – kanti uma unanoma iluphi uhlobo lombuzoxhumana nathi.

Imininingwane esiyithathayo

Sithatha imininingwane ukuze sihlinzeke izinhlelo ezingcono kubo bonke abasebenzisi bethu – njengokuthola izinto ezisobala njengokuthi iluphi ulimu olukhulumayo, kuya kwezijulile ezifana nokuthi yiziphi izikhangiso ozithola ziwusizo ikakhulu noma abantu ababaluleke kakhulu kuwena emoyeni.

Sithatha imininingwane ngezindlela ezimbili:

  • Imininingwane osinikeza yona Isibonelo, iningi lezinhlelo zethu zidinga ukuthi ubhalisele i-akhawunti yakwa-Google. Uma wenza lokho, siyokucela imininingwane eqondene nawenjenge gama lakho, ikheli le-imeyini, inombolo yocingo noma ikhadi lesikweleti. Uma ufuna ukuzitika ngokugcwele ngento yokwabelana esiyihlinzekayo, kungenzeka sikucele wenze iphrofayela ye-Google ebonakala emphakathiniengabandakanya igama nesithombe sakho.

  • Imininingwane esiyitholayo ngokusetshenziswa kohlelo lwethu Singaqoqa imininingwane mayelana nohlelo olusebenzisayo nokuthi ulusebenzisa kanjani njengoba uma uvakashela iwebusayithi esebenzisa ukukhangisa kwethu noma ubheka uphinde uxhumane nezikhangisi zethu kanye nokuqukethwe. Lemininingwane ibandakanya:

    • Imininingwane yedivayisi

      Singakwazi ukuthi siqoqe imininingwane eqondene nedivayisi (njengohlobo lwe-hardware, uhlobo lohlelo lokusebenza, okokuhlonza idivayisi okwehlukile, kanye nemininingwane yenethiwekhi kamakhalekhukhwini okubandakanya inombolo yocingo). U-Google engenza idivayisi yakho ihlobaniseke nokokuhlonza idivayisi noma inombolo yocingo nge-akhawunti yakho yakwa-Google.

    • Imininingwane yokungena

      Uma usebenzisa uhlelo lwethu noma ubheka okuqukethwe okuhlinzekwe u-Google, kungenzeka siqoqe siphinde sigcine iminingwane ethizekokokungena kwi-server Lokhu kungabandakanya:

      • imininingwane yokuthi uyisebenzise kanjani idivayisi yethu, njengezicelo zakho zokucinga,
      • imininingwane yezocingo njengenombolo yakho yocingo, ukushayelwa kwezinye izinombolo, ukudlulisa izinombolo, isikhathi nosuku locingo, ubude bocingo, imininingwane ngokudluliswa kwe-SMS kanye nohlobo locingo.
      • ikheli lenqubo ye-inthanethi.
      • imininingwane yezehlakalo zedivayisi njengokufa, okwenziwa kwisistimu, izisetho ze-hardware, uhlobo lwesiphequluli, ulimu lwesiphequluli, usuku kanye nesikhathi sesicelo sakho kanye nokubalulwa kwe-URL,
      • ama-coockie angahlonza isiphequluli sakho ngokukhethekile noma i-akhawunti yakho yakwa-Google.
    • Imininingwane yendawo

      Uma usebenzisa uhlelo lakwa-Google olusebenzisa indawo, kungenzeka siqoqe siphinde sisebenzise imininingwane emayelana nendawo okuyona njengezimpawu ze-GPS ezithunyelwa idivayisi ephathwayo. Kungenzeka sisebenzise ubuchwepheshe obehlukene ukuhlonza indawo, kungaba izinto ezifana nokokuzwa i-data edivayisini yakho okungenzeka mhlawumbe kuhlinzeke imininingwane ngokufinyelela kwi-Wi-Fi kanye nemibhoshongo yezingcingo eseduze.

    • Izinombolo zensiza ezikhethekile

      Ezinye izinhlelo zibandakanya inombolo yensiza ekhethekile. Le nombolo kanye nemininingwane ngokufaka (isibonelo, uhlobo lohlelo lokusebenza kanye nenombolo yohlobo lwensiza) kungathunyelwa ku-Google uma ufaka noma ukhipha lolo hlelo noma uma lolo hlelo luxhumana nohlelo lwethu ezikhathini ezithize njengokubuyekezwa okuzenzekalayo.

    • Ukulondoloza kwaseduze

      Kungenzeka siqoqe siphinde silondoloze imininingwane (okubandakanya iminingwane yabantu) eduzane nedivayisini yakho sisebenzisa izinto ezifana nokulondolozwa kwesiphequluli se-web (okubandakanya i-HTML 5) kanye nama-caches emininingwane yensiza.

    • Ama-cookie kanye nabahlonzi abangaziwa

      Sisebenzisa ubuchwephese obehlukahlukene ukuqoqa kanye nokugcina imininingwane uma uvakashela uhlelo lwe-Google, kanti futhi lokhu kungabandakanya i-cookie eyodwa noma amaninginomaabahlonzi abangaziwa edivayisini yakho. Siphinde futhi sisebenzise ama-cookie kanye nabahlonzi abangaziwa uma uxhumana nohlelo esiluhlinzekayo kwesibambisene nabo, njengezinhlelo zokukhangisa noma okuqukethwe u-Google okungavela kwamanye amasayithi.

Siyisebenzisa kanjani imininingwane esiyiqoqayo

Sisebenzisa imininingwane esiyiqoqa kuzo zonke izinhlelo zethu ukuhlinzeka, ukugcina, ukuvikela kanye nokuzithuthukisa lezo zinhlelo, ukwenza ezintsha, kanye nokuvikela u-Google kanye nabasebenzisi bethu. Siphinde sisebenzise lemininingwane ukuhlinzeka ngokuqukethwe okwakhelwe wena – njengokukunikeza imiphumela yokusesha kanye nezikhangiso ezihambelana nokucinga kwakho.

Singaphinde futhi sisebenzise igama olihlinzekayo ephrofayelini yakho yakwa-Google kuzo zonke izinhlelo esizihlinzekayo ezidinga i-akhawunti yakwa-Google. Ngaphezulu kwalokho, singaguqula amagama adlule ahlobene ne-akhawunti yakho yakwa-Google ukuze wethuleke ngokufanele kuzo zonke izinhlelo zethu. Uma abanye abantu sebevele bene-imeyili yakho, noma eminye imininingwane ekuhlonzayo, ungabakhombisa imininingwane yakho yephrofayela yakwa-Google evela emphakathini njenge gama kanye nesithombe sakho.

Uma uxhumana no-Google, kungenzeka sigcine imininingwane yokuxhumana nawe ukusiza ukuxazulula inkinga okungenzeka ukuthi ubhekene nayo. Kungenzeka sisebenzise ikheli lakho le-imeyili ukukwazisa mayelana nezinhlelo zethu njengokukwazisa ngezinguquko noma ukuthuthuka okuzayo.

Sisebenzisa imininingwane eqoqwe kuma-cookies kanye nobunye ubuchwepheshe obufana ne-pixel tags ukuthuthukisa ukuba khona kwakho njengomsebenzisi kanye neqophelo lonkana lohlelo lwethu. Isibonelo, ngokulondoloza ulimu oluncamelayo, sizokwazi ukwenza ukuthi uhlelo lwethu luvele ngolimu oluncamelayo. Uma sikhombisa izikhangiso ezenziwe zafanela wena, ngeke sihlobanise i-cookie noma isihlonzi esingaziwa, nemikhakha yezihlonzi ezingaziwa njengalezo ezincike ebuhlangeni, inkolo, ukukhetha olala nabo noma impilo.

Kungenzeka sihlanganise imininingwane yomuntu esuka kwenye ohlelweni lwe-Google iya kolunye – isibonelo ukwenza kube lula ukwabelana izinto nabantu obaziyo. Ngeke sihlanganise imininingwane ye-cookie ye-DoubleCick kanye nemininingwane yomuntu ehlonzekayo ngaphandle uma uvumile.

Sizoyicela imvume yakho ngaphambili kokusebenzisa imininingwane ngenhloso engafani naleyo ebekwe Emgomeni Wobumfihlo.

U-Google usebenzasebenzisa imininingwane yomuntu kwi-server yethu emazweni amaningi emhlabeni wonke. Singakwazi ukusebenzisa imininingwane yabantu kwi-server engaphandle kwezwe lapho uhlala khona

Ukuba sobala kanye nokukhetha

Abantu bakhathazwa izinto ezehlukene mayelana nobumfihlo Isifiso sethu ukuthi sicacise ukuthi hlobo luni lwemininingwane esiyiqoqayo ukuze ukwazi ukukhetha kahle ukuthi isetshenziswe kanjani. Isibonelo ungakwazi ukuthi:

  • Ukubuyekeza uphinde ulawule uhlobo oluthile lwemininingwane ehlobene ne-akhawunti yakho ngokusebenzisa i-Google Dashboard.
  • Buka uphinde uhlele izilungiselelo zezikhangiso, okufana nokuthi iziphi izigaba ongaba nentshisekelo kuzo, usebenzisa izilungiselelo zezikhangiso. Ungaphinda ukhethe ukuphuma kumasevisi wokukhangisa we-Google lapha.
  • Sebenzisa okokuhlela kwethu ukubuka uphinde ulungise ukuthi iphrofayela yakho yakwa-Google ibonakala kanjani kubantu abathize.
  • Lawula ukuthi wabelana nobani ngemininingwane yakho.
  • Khipha imininingwane eningini lezinhlelo zethu.

Ungakwazi futhi ukuthi uhlele isiphequluli sakho ukuthi sivimbe wonke ama-coockies, okubandakanya ama-coockies ahlobene nezinhlelo zethu, noma ukuveza uma i-cookie isethwa ithina. Yize kunjalo, kubalulekile ukukhumbula ukuthi iningi lezinhlelo zethu kungenzeka zingasebenzi kahle uma-cookies enziwe ukuthi angasebenzi. Izibonelo, kungenzeka singalukhumbuli ulimu oluncamelayo.

Imininingwane owabelana ngayo

Iningi lezinhlelo zethu livumela ukuthi wabelane ngemininingwane nabanye. Khumbula ukuthi uma wabelana ngemininingwane emphakathini, ingabonakala ezinjinini zokucinga, kubandakanya u-Google. Izinsiza zethu zikunikeza izinto ezahlukene ongazikhetha ekwabeni nasekususeni okuqukethwe kwakho.

Ukufinyelela nokubuyekeza imininingwane yakho

Njalo uma usebenzisa izinhlelo zethu, siyazimisela ukuthi sikwenze ukwazi ukufinyelela emininingwaneni yakho. Uma leyo mininingwane ingalungile, senza imizamo yokukunikeza izindlela zokuyibuyekeza ngokushesha noma uyisuse – ngaphandle uma kudingeka ukuthi silondoloze leyo mininingwane ngenxa yezizathu zebhizinisi ezigunyaziwe noma ngenxa yezizathu zezomthetho. Uma ubuyekeza imininingwane yakho, kungenzeka sikucele ukuthi uqinisekise ubuwena ngaphambili kokuthi kube khona esikwenzayo ngesicelo sakho.

Kungenzeka sizenqabe izicelo eziphindaphindeke ngendlela engamukelekile, ezidinga umzawo wobuchwepheshe omkhulu ngokweqile (isibonelo, ukwakha uhlelo olusha noma ukuguqula kakhulu inqubo esikhona), ukufaka engcupheni ukuphepha kwabanye abantu, noma kube lukhuni ukuthi kwenzeke (isibonelo, izicelo ezimayelana nemininingwane etholakala emakhasethini alondoloziwe).

Lapho khona singahlinzeka imininingwane ukufinyielela kanye nokulungisa, sizokwenza lokho mahhala, ngaphandle uma kudinga umzamo omkhulu ngokweqile. Sizimisele ukugcina uhlelo lwethu ngendlela evikela imininingwane ekulimaleni okwenzeke ngephutha noma ngamabomu. Ngenxa yalokhu, emva kokuba usususe imininingwane ohlelweni lwethu, ngeke sikwazi ukususa ngokushesha amakhophi asalile kuma-server ethu asebenzayo kanti ngeke sisuse imininingwane ezinhlelweni zethu zokugcina izipele.

Imininingwane esabelana ngayo

Asabelani ngemininingwane yabantu nezinkampani, izinhlangano kanye nabantu abangaphandle kwaka-Google ngaphandle uma kwalezi zimo ezilandelayo:

  • Kube nemvume

    Siyokwabelana ngemininingwane yabantu nezinkampani, izinhlangano noma abantu abangaphandle kwaka-Google uma sivunyelwe uwena ukuthi senze njalo. Sidinga ukuvuma ukungena ukuze kwabelanwe nganoma imiphi imininingwane yomuntu ebucayi

  • Nabalawuli bedomeyini

    Uma i-akhawunti yakho yakwa-Google yenganyelwe uwe ngomlawuli wedomeyini(isibonelo, kubasebenzi Bezinsiza ze-Google) umlawuli wedomeyini yakho nabadayisi abahlinzeka ukwesekwa komsebenzisi enhlanganweni yakho bayokwazi ukufinyelela emininingwaneni ye-akhawunti yakho ywakwa-Google (okubandakanya i-imeyili yakho kanye neminye imininingwane). Umlawuli wedomeyini yakho angakwazi:

    • ukubheka iminingwane yezinombolo eqondene ne-akhawunti yakho, njengemininingwane emayelana nezinsiza ozifakayo.
    • ukuguqula iphasiwedi ye-akhawunti yakho.
    • ukumisa okwesikhashana noma avale ukufinyelela kwakho e-akhawuntini yakho.
    • ukufinyelela noma ukugcina imininingwane elondolozwe njenge ngxenye ye-akhawunti yakho,
    • ukuthola imininingwane ye-akhawunti yakho ukuze kugculiseke imithetho efanele, imigomo, izinqubo zomthetho noma izicelo zokuphatha ezingaphumelela.
    • nganda ukukwazi kwakho ukususa noma ukulungisa imininingwane noma izisetho zobumfihlo.

    Uyacelwa ukuthi ubheke umgomo wobumfihlo womlawuli wedomayini yakho ukuthola eminye imininingwane.

  • Ukuze kusebenzeke ngaphandle

    Sikunikeza iminingwane yabantu kwesibambisene nabo noma kwamanye amabhizinisi athembekile noma abantu ukuze bayisebenze, kuncike emiyalweni yethu futhi kuhambisana Nomgomo wethu Wobumfihlo kanye nezinye izilinganiso zobumfihlo nokuphepha ezifanele.

  • Ngenxa yezizathu zomthetho

    Siyokwabelana ngemininingwane yomuntu nezinkampani, izinhlangano noma abantu abangaphandle kwaka-Google uma sikholwa ukuthi ukufinyelela, ukusetshenziswa, ukulondolozwa noma ukuvezwa kwemininingwane kuyadingeka:

    • ukuthi kuhlangabezanwe nomthetho othize, umgomo noma inqubo yomthetho noma isicelo sikahulumeni esiphoqelekile.
    • ukuthi kulandelwe Imibandela yendawo yokusebenze, okubandakanya ukuphenywa kokuphulwa komgomo okungenzeka.
    • ukuhlonza, ukugwema noma ukubhekana nenkohlakalo ukuphepha noma into yezobuchwepheshe,
    • ukuvikela ukulinyazwa kwamalungelo, impahla noma ukuphepha kuka-Google, abasebenzisi bethu noma umphakathi njengokudingwa umthetho.

Kungenzeka sabelanengemininingwane eyisilinganiso engahlonzi muntuemphakathini kanye nesibambisene nabo – njengabashicileli, abakhangisi noma amasayithi axhumene nathi. Isibonelo, kungenzeka sabelane nomphakathi ngolwazi ukukhombisa ukuqhubeka kwezinto mayelana nokusenjenziswa jikelele kwezinhlelo zethu.

Uma u-Google ebandakanyeke ekubumbaneni, ukuthathwa noma ukudayiswa kwempahla, siyoqhubeka siqinisekisa ukuthi ubumfihlo banoma imiphi imininingwane yabantu buyagcinwa bese sinikeza abasebenzisi abathintekayo isaziso ngaphambili kokuthi imininingwane yabantu idluliswe noma ithinteke emgomeni wokuphepha owehlukile.

Ukuphepha kolwazi

Sisebenza kanzima ukuvikela u-Google kanye nabasebenzisi ezintweni ezifana nokufinyelela okungagunyaziwe kuya ekuguqulweni okungagunyaziwe, ukuvezwa noma ukoniwa kwemininingwane engakuthina. Ikakhulukazi:

  • Sibhala ubumfihlo iningi lezinhlelo zethu sisebenzisa i-SSL.
  • Sikunikeza ukuqinisekisa kwezinyathelo ezimbili Uma ufinyelela e-akhawuntini yakho yakwa-Google kanyeOkuqukethwe kokuphequlula okuphephileKu-Google Chrome
  • Sihlola imininingwane yethu, izinqubo zokulondoloza nokusebenza, okubandakanya izindlela zokuphepha, ukunqanda ukufinyelela okungagunyaziwe ezinhlelweni.
  • Sinqanda ukufinyelela emininingwaneni yabantu ezisebenzini zakwa-Google, abazinkontileka ama-ejenti adinga ukwazi leyo mininingwane ukuze basisebenzele yona, abaphinde babophezeleke ngaphansi esivumelwaneni sobumfihlo esiqinile abangajeziswa noma kunqanyulwe isivumelwane nabo uma behluleka ukulandela izimiso.

Insiza

Imigomo yethu Yokuphepha isebenza kuzo zonke izinhlelo ezihlinzekwa inkampani yakwa-Google, kanye nebambisene nabo okubandakanya izinhlelo ezihlinzekwa kwamanye amasayithi (njengezinhlelo zethu zokukhangisa), kodwa kungafaki izinhlelo ezinemigomo yokuphepha ehlukanisiwe engawufaki Lomgomo Wobumfihlo.

Umgomo wethu wobumfihlo awusebenzi ezinhlelweni ezihlinzekwa ezinye izinkampani noma abantu, okubandakanya imikhiqizo noma amasayithi angavezwa kuwena njengemiphumela yokucinga, amasayithi angabandakanya izinhlelo zakwa-Google, noma amanye amasayithi ahlobene nathi ngenxa yezinhlelo zethu. Umgomo wethu wobumfihlo awubhekene nezinqubo zemininingwane yezinye izinkampani noma izinhlangano ezikhangisa izinhlelo zethu nokungenzeka zisebenzise ama-cookies, ama-pixel tags kanye nobunye ubuchwepheshe ukuhlinzeka izikhangiso ezifanele.

Ukwenza kusebenze

Sijwayele ukuhlola ukulandelwa Komgomo wethu Wobumfihlo. Siphinde sihambisane nemihlahlandlela yokuzilawula embalwa Uma sithola izikhalazo ezibhalwe phansi, siyoxhumana nomuntu owenze isikhalazo ukuze silandele udaba lwakhe. Sisebenzisana neziphathimandla zokulawula ezifanele, okubandakanya iziphathimandla zendawo ezivikela imininingwane, ukuxazulula izikhalazo ezimayelana nokudluliswa kwemininingwane esingakwazi ukuthi sizixazulule ngqo nabasebenzisi bethu.

Izinguquko

Umgomo wethu Wobumfihlo ungaguquka ngokuhamba kwesikhathi. Ngeke sinciphise amalungelo akho ngaphansi Komgomo Wobumfihlo ngale kokuthola imvume yakho ecacile. Siyoposa nanoma iziphi izinguquko zomgomo wobumfihlo kuleli khasi. Uma izinguquko zinkulu, siyofaka isaziso esicace kakhulu (okubandakanya izaziso ze-imeyilizezinguquko zomgomo wobumfihlo) kwezinye izinhlelo. Siyophinde futhi sigcine izinhlobo zangaphambilini Zalomgomo Wobumfihlo ezintweni zethu ezilondoloziwe ukuthi ukwazi ukuwubona kabusha.ndo ukubuyekeza.

Izinqubo eziqondene nomkhiqizo

Lezi zaziso ezilandelayo zichaza ngezinqubo zobumfihlo ezithize mayelana nemikhiqizo ye-Google kanye nezinhlelo ongazisebenzisa:

Izinhlelo zokusebenza ze-Google
Imenyu eyinhloko