Lena inguqulo egciniwe Yenqubomgomo yethu Yobumfihlo. Bukainguqulo yamanje noma zonke izinguqulo ezandulele.

Inqubomgomo Yemfihlo

Imininingwane esiyithathayo

Siyisebenzisa kanjani imininingwane esiyiqoqayo

Ukuba sobala kanye nokukhetha

Imininingwane owabelana ngayo

Ukufinyelela nokubuyekeza imininingwane yakho

Imininingwane esabelana ngayo

Ukuphepha kolwazi

Uma le Nqubomgomo Yemfihlo isebenza

Ukuhambisana nokubambisana neziphathimandla zokulawula

Izinguquko

Izinqubo eziqondene nomkhiqizo

Eminye imisebenzi elusizo ehlobene nemfihlo nokuvikela

Kugcine ukubuyekezwa 25 Februwari 2015 (buka izinhlobo ezilondoloziwe)

Ziningi izindlela ongasebenzisa ngazo izinhlelo zethu – ukucinga kanye nokwabelana ngolwazi, ukuxhumana nabanye abantu noma ukwenza izinto ezintsha. Uma wabelana ngolwazi nathi, isibonelo ngokwakha i-akhawunti yakwa-Googlesingenza lezo zinhlelo zibe ngcono – ukukukhombisa imiphumela yokucinga ehambisana kangcono nokucingayo kanye nezikhangiso, ukukusiza uxhumane nabantu noma ukwenza ukwabelana nabantu kusheshe futhi kube lula. Njengoba usebenzisa izinhlelo zethu, sifuna ukuthi ucacelwe ukuthi silusebenzisa kanjani ulwazi nanokuthi ungabuvikela kanjani ubumfihlo bakho.

Inqubomgomo yethu Yobumfihlo iyachaza:

  • Sithatha hloboni lwemininingwane nanokuthi siyithathelani.
  • Siyisebenzisa kanjani leyo mininingwane
  • Ungakukhetha esikunikeza khona, okubandakanya ukufinyelela nokubuyekeza imininingwane.

Sizamile ukukugcina kulula ngangokunokwenzeka, kodwa uma ungajwayelene namagama afana nathi amakhukhi, amakheli asesizindeni se-intanethi, omaka bephikiseli neziphequluli, funda mayelana nalawa magama ayinhloko kuqala. Ubumfihlo bakho bubalulekile ku-Google ngakho-ke ngisho noma umusha ku-Google noma ungumsebenzisi wesikhathi eside, uyacelwa ukuthi uthathe isikhathi sokuthi wazi ngokuziphatha kwethu - futhi uma unanoma yimiphi imibuzo xhumana naleli khasi.

Imininingwane esiyithathayo

Siqoqa ulwazi ukuze sihlinzeke ngamasevisi angcono kakhulu kubo bonke abasebenzisi bethu – kusuka ekutholeni izinto eziyinhloko ezifana nokuthi ukhuluma luphi ulimi, kuya kwezinye izinto eziyinkimbinkimbi ezinjengokuthi yiziphi izikhangiso ozithola ziwusizo, abantu ababaluleke kakhulu kuwe ku-inthanethi, noma ukuthi yimaphi amavidiyo we-YouTube ongase uwathande.

Sithatha imininingwane ngezindlela ezimbili:

  • Imininingwane osinikeza yona Isibonelo, iningi lezinhlelo zethu zidinga ukuthi ubhalisele i-akhawunti yakwa-Google. Uma wenza lokho, siyokucela imininingwane eqondene nawenjenge gama lakho, ikheli le-imeyini, inombolo yocingo noma ikhadi lesikweleti. Uma ufuna ukuzitika ngokugcwele ngento yokwabelana esiyihlinzekayo, kungenzeka sikucele wenze iphrofayela ye-Google ebonakala emphakathiniengabandakanya igama nesithombe sakho. Imininingwane esiyitholayo ngokusetshenziswa kohlelo lwethu Singaqoqa imininingwane mayelana nohlelo olusebenzisayo nokuthi ulusebenzisa kanjani njengoba uma uvakashela iwebusayithi esebenzisa ukukhangisa kwethu noma ubheka uphinde uxhumane nezikhangisi zethu kanye nokuqukethwe. Lemininingwane ibandakanya:

  • Ulwazi esiluthola ekusebenziseni kwakho amasevisi wethu. Siqoqa ulwazi olumayelana namasevisi owasebenzisayo nendlela owasebenzisa ngayo, njengalapho ubuka ividiyo ku-YouTube, uvakashela iwebhusayithi esebenzisa amasevisi wethu wokukhangisa, noma lapho ubuka futhi usebenzisana nezikhangiso zethu nokuqukethwe. Lolu lwazi lufaka phakathi:

    • Imininingwane yedivayisi

      Siqoqa ulwazi oluqondene nedivayisi (njengohlobo lwezingxenyekazi zekhompuyutha, inguqulo yesistimu yokusebenza, izihlonzi zedivayisi ezahlukile, nolwazi lwenethiwekhi yeselula olufaka phakathi inombolo yefoni). I-Google ingase ihlobanise izihlonzi zedivayisi zakho noma inombolo yefoni nge-akhawunti yakho ye-Google.

    • Imininingwane yokungena

      Uma usebenzisa amasevisi wethu noma ubuka okuqukethwe okunikezwa i-Google, siqoqa ngokuzenzakalelayo futhi sigcine ulwazi oluthize kumalogu weseva. Lokhu kufaka phakathi:

      • imininingwane yokuthi uyisebenzise kanjani idivayisi yethu, njengezicelo zakho zokucinga,
      • imininingwane yezocingo njengenombolo yakho yocingo, ukushayelwa kwezinye izinombolo, ukudlulisa izinombolo, isikhathi nosuku locingo, ubude bocingo, imininingwane ngokudluliswa kwe-SMS kanye nohlobo locingo.
      • ikheli lenqubo ye-inthanethi.
      • imininingwane yezehlakalo zedivayisi njengokufa, okwenziwa kwisistimu, izisetho ze-hardware, uhlobo lwesiphequluli, ulimu lwesiphequluli, usuku kanye nesikhathi sesicelo sakho kanye nokubalulwa kwe-URL,
      • ama-coockie angahlonza isiphequluli sakho ngokukhethekile noma i-akhawunti yakho yakwa-Google.
    • Imininingwane yendawo

      Uma usebenzisa amasevisi we-Google, singase siqoqe futhi sisebenzise ulwazi olumayelana nendawo okuyo. Sisebenzisa ubucwepheshe obahlukahlukene ukunquma indawo, kufaka phakathi ikheli le-IP, GPS, nezinye izinzwa ezingahle, isibonelo, zinikezele i-Google ulwazi kumadivayisi aseduzane, Izindawo zokfinyelela ze-Wi-Fi namathawa weseli.

    • Izinombolo zensiza ezikhethekile

      Ezinye izinhlelo zibandakanya inombolo yensiza ekhethekile. Le nombolo kanye nemininingwane ngokufaka (isibonelo, uhlobo lohlelo lokusebenza kanye nenombolo yohlobo lwensiza) kungathunyelwa ku-Google uma ufaka noma ukhipha lolo hlelo noma uma lolo hlelo luxhumana nohlelo lwethu ezikhathini ezithize njengokubuyekezwa okuzenzekalayo.

    • Ukulondoloza kwaseduze

      Kungenzeka sikuqoqe futh sigcina ulwazi (okubandakanya ulwazi lomuntu siqu) eduzane nedivayisi yakho sisebenzisa izinto ezifana nesitoreji sewebhu sesiphequluli (kubandakanya i-HTML 5) kanye nezilondolozi zezinhlelo zokusebenza zedatha.

    • Ama-cookie kanye nabahlonzi abangaziwa

      Thina nozakwethu sisebenzisa ubuchwepheshe obuhlukile ukuqoqa nokugcina ulwazi uma uvakashela isevisi ye-Google, futhi lokhu kungafaka ukuthumela ikhukhi elilodwa noma amaningi noma izikhombi ezingaziwa kudivayisi yakho. Siphinda sisebenzise amakhukhi nezikhombi ezingaziwa uma uhlanganyela namasevisi esiwanikeza kozakwethu, afana namasevisi wokukhangisa noma izici ze-Google ezingavela kwamanye amasayithi. Umkhiqizo wethu we-Google Analytics usiza abanikazi bamabhizinisi namasayithi ukuhlaziya ithrafikhi kumawebhusayithi wabo nezinhlelo zokusebenza. Uma kusetshenziswe nokuhambisana namasevisi wethu wokukhangisa, afana nalawo asebenzisa ikhukhi ye-DoubleClick, ulwazi lwe-Google Analytics lixhunyiwe, kusetshenziswa ubuchwepheshe be-Google, ngolwazi olumayelana nokuvakashela amasayithi amaningi.

Siyisebenzisa kanjani imininingwane esiyiqoqayo

Sisebenzisa ulwazi esiluqoqa kusuka kuwo wonke amasevisi wethu ukuze sihlinzeke, sinakekele, sivikele futhi siwathuthukise, ukuze sidale amasha, futhi nokuvikela i-Google nabasebenzisi bethu. Siphinde sisebenzise lemininingwane ukuhlinzeka ngokuqukethwe okwakhelwe wena - njengokukunikeza imiphumela yokusesha kanye nezikhangiso ezihambelana osesho lwakho.

Singaphinde futhi sisebenzise igama olihlinzekayo ephrofayelini yakho yakwa-Google kuzo zonke izinhlelo esizihlinzekayo ezidinga i-akhawunti yakwa-Google. Ngaphezulu kwalokho, singaguqula amagama adlule ahlobene ne-akhawunti yakho yakwa-Google ukuze wethuleke ngokufanele kuzo zonke izinhlelo zethu. Uma abanye abantu sebevele bene-imeyili yakho, noma eminye imininingwane ekuhlonzayo, ungabakhombisa imininingwane yakho yephrofayela yakwa-Google evela emphakathini njenge gama kanye nesithombe sakho.

Uma une-akhawunti ye-Google, singase sibonise igama lakho lephrofayela, isithombe sephrofayela, nezenzo ozenza ku-Google noma kwizinhlelo zokusebenza zezinkampani zangaphandle ezixhumene ne-akhawunti yakho ye-Google (njengokubekiwe +1, izibuyekezo ozibhalayo ngisho namazwana owathumelayo) kumasevisi wethu, kufaka phakathi ukubonisa kwizikhangiso nokunye okuqukethwe kwezentengiso. Sizohlonipha izinqumo ozenzayo zokubeka umkhawulo wokwabelana noma izilungiselelo zokubonakala kwi-akhawunti yakho ye-Google.

Uma uxhumana ne-Google, sigcina imininingwane yokuxhumana nawe ukusiza ukuxazulua noma iziphi izinkinga ongase ubhekane nazo. Singase sisebenzise ikheli lakho le-imeyili ukukwazisa mayelana namasevisi wethu, njengokukwazisa ngezinguquko noma ukuthuthukisa okuzayo.

Sisebenzisa ulwazi oluqoqwe kusuka kumakhukhi nobunye ubuchwepheshe, njengomaka be-pixel, ukuthuthukisa ukuzizwela kwakho komsebenzisi nekhwalithi isiyonke yamasevisi wethu. Enye yemikhiqizo esiyisebenzisayo ukwenza lokhu kumasevisi wethu i-Google Analytics. Ngokwesibonelo, ngokulondoloza ulimu oluncamelayo, sizokwazi ukwenza ukuthi amasevisi wethu avele ngolimu oluncamelayo. Uma sikukhombisa izikhangiso ezenziwe zafanela wena, ngeke sihlobanise ikhukhi noma isihlonzi esingaziwa nemikhakha ezwelayo, njengaleyo encike kubuhlanga, inkolo, ukukhetha olala nabo noma impilo.

Amasistimu wethu azenzakalelayo ahlaziya okuqukethwe kwakho (okufaka phakathi ama-imeyili) ukukunikeza izici zomkhiqizo ezifanelekile, njengemiphumela yokusesha engokwezifiso, izikhangiso ezenziwe zafanela wena, nokuthola ugaxekile nohlelo olungayilungele ikhompyutha.

Kungenzeka sihlanganise ulwazi lomuntu siqu kusuka kwenye isevisi, okubandakanya iminingwane yabantu, kusuka kwamanye amasevisi e-Google - isibonelo ukuze kubelula ukwabelana izinto nabantu obaziyo. Ngeke sihlanganise imininingwane yekhukhi ye-DoubleCick kanye nemininingwane yomuntu ehlonzekayo ngaphandle uma uvumile.

Sizoyicela imvume yakho ngaphambili kokusebenzisa imininingwane ngenhloso engafani naleyo ebekwe Emgomeni Wobumfihlo.

U-Google usebenzasebenzisa imininingwane yomuntu kwi-server yethu emazweni amaningi emhlabeni wonke. Singakwazi ukusebenzisa imininingwane yabantu kwi-server engaphandle kwezwe lapho uhlala khona

Ukuba sobala kanye nokukhetha

Abantu bakhathazwa izinto ezehlukene mayelana nobumfihlo Isifiso sethu ukuthi sicacise ukuthi hlobo luni lwemininingwane esiyiqoqayo ukuze ukwazi ukukhetha kahle ukuthi isetshenziswe kanjani. Isibonelo ungakwazi ukuthi:

  • Vakashela umlando we-akhawunti yakho ye-Google ngezilungiselelo ezikuvumela ukulawula ukuqoqwa kolwazi lomuntu kusuka kumasevisi we-Google, njengosesho, i-YouTube nomlando wendawo.
  • Ukubuyekeza uphinde ulawule uhlobo oluthile lwemininingwane ehlobene ne-akhawunti yakho ngokusebenzisa i-Google Dashboard.
  • Buka futhi uhlele izintandokazi zakho mayelana nezikhangiso ze-Google eziboniswa kuwe ku-Google nayo yonke iwebhu, njengokuthi iziphi izigaba ongahle uzithande, usebenzisa izilungiselelo zezikhangiso. Ungaphinda ukhethe ukuphuma kumasevisi wokukhangisa we-Google lapha.
  • Lungisa ukuthi iphrofayela ephathelene ne-akhawunti yakho ye-Google ibonakala kanjani kwabanye.
  • Lawula ukuthi wabelana nobani ngolwazi nge-akhawunti yakho ye-Google.
  • Khipha ulwazi oluphathelene ne-akhawunti yakho ye-Google kumasevisi wethu amaningi.
  • Khetha ukuthi igama lakho lephrofayela nesithombe sephrofayela kuyavela yini kwizincomo ezabiwe ezivela kwizikhangiso.

Ungakwazi futhi ukusetha isiphequluli sakho ukuthi sivimbele wonke amakhukhi, okufaka phakathi amakhukhi ahlobene namasevisi wethu, noma ukubonisa lapho ikhukhi isethwe yithi. Yize kunjalo, kubalulekile ukukhumbula ukuthi iningi lezinhlelo zethu kungenzeka zingasebenzi kahle uma amakhukhi wakho akhutshaziwe. Izibonelo, kungenzeka singalukhumbuli ulimu oluncamelayo.

Imininingwane owabelana ngayo

Iningi lezinhlelo zethu livumela ukuthi wabelane ngemininingwane nabanye. Khumbula ukuthi uma wabelana ngemininingwane esidlangalaleni, ingabonakala ezinjinini zokucinga, kubandakanya u-Google. Amasevisi wethu akunikeza izinketho ezahlukene ekwabelaneni futhi nokususa okuqukethwe kwakho.

Ukufinyelela nokubuyekeza imininingwane yakho

Noma yinini lapho usebenzisa amasevisi wethu, sihlose ukukunikeza ukufinyelela kulwazi lwakho lomuntu siqu. Uma leyo mininingwane ingalungile, senza imizamo yokukunikeza izindlela zokuyibuyekeza ngokushesha noma uyisuse - ngaphandle uma kudingeka ukuthi silondoloze leyo mininingwane ngenxa yezizathu zebhizinisi ezigunyaziwe noma ngenxa yezizathu zezomthetho. Lapho ubuyekeza ulwazi lwakho lomuntu siqu, singase sikucele ukuthi uqinisekise ubuwena ngaphambi kokuthi sithathe isinyathelo ngesicelo sakho.

Singase senqabe izicelo eziphindaphindiwe ngokungaphusile, ezidinga umzamo wobuchwepheshe ongalingani (ngokwesibonelo, ukuthuthukisa isistimu entsha noma ukushintsha ngokuyinhloko umkhuba osuvele ukhona), ezibeka engozini okobumfihlo kwabanye abantu, noma ezingase zingenzeki (ngokwesibonelo, izicelo ezimayelana nolwazi lokutholakala kwamasistimu okwenza isipele).

Lapho khona singahlinzeka imininingwane ukufinyielela kanye nokulungisa, sizokwenza lokho mahhala, ngaphandle uma kudinga umzamo omkhulu ngokweqile. Sizimisele ukugcina uhlelo lwethu ngendlela evikela imininingwane ekulimaleni okwenzeke ngephutha noma ngamabomu. Ngenxa yalokhu, emva kokuba usususe imininingwane ohlelweni lwethu, ngeke sikwazi ukususa ngokushesha amakhophi asalile kuma-server ethu asebenzayo kanti ngeke sisuse imininingwane ezinhlelweni zethu zokugcina izipele.

Imininingwane esabelana ngayo

Asabelani ngolwazi lomuntu siqu nezinkampani, izinhlangano kanye nabantu abangaphandle kwe-Google ngaphandle uma kungaphansi kwalezi zimo:

  • Kube nemvume

    Siyokwabelana ngemininingwane yabantu nezinkampani, izinhlangano noma abantu abangaphandle kwaka-Google uma sivunyelwe uwena ukuthi senze njalo. Sidinga ukuvuma ukungena ukuze kwabelanwe nganoma imiphi imininingwane yomuntu ebucayi

  • Nabalawuli bedomeyini

    Uma i-akhawunti yakho yakwa-Google yenganyelwe uwe ngomlawuli wedomeyini(isibonelo, kubasebenzi Bezinsiza ze-Google) umlawuli wedomeyini yakho nabadayisi abahlinzeka ukwesekwa komsebenzisi enhlanganweni yakho bayokwazi ukufinyelela emininingwaneni ye-akhawunti yakho ywakwa-Google (okubandakanya i-imeyili yakho kanye neminye imininingwane). Umlawuli wedomeyini yakho angakwazi:

    • ukubheka iminingwane yezinombolo eqondene ne-akhawunti yakho, njengemininingwane emayelana nezinsiza ozifakayo.
    • ukuguqula iphasiwedi ye-akhawunti yakho.
    • ukumisa okwesikhashana noma avale ukufinyelela kwakho e-akhawuntini yakho.
    • ukufinyelela noma ukugcina imininingwane elondolozwe njenge ngxenye ye-akhawunti yakho,
    • ukuthola ulwazi le-akhawunti yakho ukuze kugculise imithetho efanele, imigomo, inqubo zomthetho noma izicelo zokuphatha ezingaphumelela.
    • nganda ukukwazi kwakho ukususa noma ukulungisa imininingwane noma izisetho zobumfihlo.

    Uyacelwa ukuthi ubheke umgomo wobumfihlo womlawuli wedomayini yakho ukuthola eminye imininingwane.

  • Ukuze kusebenzeke ngaphandle

    Sinikeza ulwazi lomuntu siqu kumanxusa wethu noma amanye amabhizinisi athembekile noma abantu ukuze basicubungulele lona, ngokuya ngemiyalo yethu futhi ngokuhambisana Nomgomo wethu Wobumfihlo kanye nezinye izilinganiso zobumfihlo nokuphepha ezifanele.

  • Ngenxa yezizathu zomthetho

    Siyokwabelana ngemininingwane yomuntu nezinkampani, izinhlangano noma abantu abangaphandle kwaka-Google uma sikholwa ukuthi ukufinyelela, ukusetshenziswa, ukulondolozwa noma ukuvezwa kwemininingwane kuyadingeka:

    • ukuthi kuhlangabezanwe nomthetho othize, umgomo noma inqubo yomthetho noma isicelo sikahulumeni esiphoqelekile.
    • ukuthi kulandelwe Imibandela yendawo yokusebenze, okubandakanya ukuphenywa kokuphulwa komgomo okungenzeka.
    • ukuhlonza, ukugwema noma ukubhekana nenkohlakalo ukuphepha noma into yezobuchwepheshe,
    • ukuvikela ukulinyazwa kwamalungelo, impahla noma ukuphepha kuka-Google, abasebenzisi bethu noma umphakathi njengokudingwa umthetho.

Singase sabelane ngolwazi oluhlanganisiwe, olungahlonzi umuntu siqu esidlangalaleni futhi nakozakwethu bethu – njengabashicileli, abakhangisi noma amasayithi axhunyiwe. Ngokwesibonelo, singase sabelane ngolwazi esidlangalaleni ukuze sibonise amathrendi okusebenzisa okuvamile amasevisi wethu.

Uma u-Google ebandakanyeke ekubumbaneni, ukuthathwa noma ukudayiswa kwempahla, siyoqhubeka siqinisekisa ukuthi ubumfihlo banoma imiphi imininingwane yabantu buyagcinwa bese sinikeza abasebenzisi abathintekayo isaziso ngaphambili kokuthi imininingwane yabantu idluliswe noma ithinteke emgomeni wokuphepha owehlukile.

Ukuphepha kolwazi

Sisebenza kanzima ukuvikela u-Google kanye nabasebenzisi ezintweni ezifana nokufinyelela okungagunyaziwe kuya ekuguqulweni okungagunyaziwe, ukuvezwa noma ukoniwa kwemininingwane engakuthina. Ikakhulukazi:

  • Sibhala ubumfihlo iningi lezinhlelo zethu sisebenzisa i-SSL.
  • Sikunikeza ukuqinisekisa kwezinyathelo ezimbili Uma ufinyelela e-akhawuntini yakho yakwa-Google kanyeOkuqukethwe kokuphequlula okuphephileKu-Google Chrome
  • Sihlola imininingwane yethu, izinqubo zokulondoloza nokusebenza, okubandakanya izindlela zokuphepha, ukunqanda ukufinyelela okungagunyaziwe ezinhlelweni.
  • Sinqanda ukufinyelela emininingwaneni yabantu ezisebenzini zakwa-Google, abazinkontileka ama-ejenti adinga ukwazi leyo mininingwane ukuze basisebenzele yona, abaphinde babophezeleke ngaphansi esivumelwaneni sobumfihlo esiqinile abangajeziswa noma kunqanyulwe isivumelwane nabo uma behluleka ukulandela izimiso.

Uma le Nqubomgomo Yemfihlo isebenza

Inqubomgomo yethu Yobumfihlo isebenza kuwo wonke amasevisi ahlinzekwa i-Google Inc. nezinkampani eziphethwe, okufaka phakathi i-YouTube, namasevisi ahlinzekwa kwamanye amasayithi (njengamasevisi wethu wokukhangisa), kodwa akufaki phakathi amasevisi anezinqubomgomo zobumfihlo ezahlukile ezingahlanganisi le Nqubomgomo Yobumfihlo.

Umgomo wethu wobumfihlo awusebenzi ezinhlelweni ezihlinzekwa ezinye izinkampani noma abantu, okubandakanya imikhiqizo noma amasayithi angavezwa kuwena njengemiphumela yokucinga, amasayithi angabandakanya izinhlelo zakwa-Google, noma amanye amasayithi ahlobene nathi ngenxa yezinhlelo zethu. Umgomo wethu wobumfihlo awubhekene nezinqubo zemininingwane yezinye izinkampani noma izinhlangano ezikhangisa izinhlelo zethu nokungenzeka zisebenzise ama-cookies, ama-pixel tags kanye nobunye ubuchwepheshe ukuhlinzeka izikhangiso ezifanele.

Ukuhambisana nokubambisana neziphathimandla zokulawula

Sijwayele ukuhlola ukulandelwa Komgomo wethu Wobumfihlo. Siphinde sihambisane nemihlahlandlela yokuzilawula embalwa Uma sithola izikhalazo ezibhalwe phansi, siyoxhumana nomuntu owenze isikhalazo ukuze silandele udaba lwakhe. Sisebenzisana neziphathimandla zokulawula ezifanele, okubandakanya iziphathimandla zendawo ezivikela imininingwane, ukuxazulula izikhalazo ezimayelana nokudluliswa kwemininingwane esingakwazi ukuthi sizixazulule ngqo nabasebenzisi bethu.

Izinguquko

Umgomo wethu Wobumfihlo ungaguquka ngokuhamba kwesikhathi. Ngeke sinciphise amalungelo akho ngaphansi Komgomo Wobumfihlo ngale kokuthola imvume yakho ecacile. Siyoposa nanoma iziphi izinguquko zomgomo wobumfihlo kuleli khasi. Uma izinguquko zinkulu, siyofaka isaziso esicace kakhulu (okubandakanya izaziso ze-imeyilizezinguquko zomgomo wobumfihlo) kwezinye izinhlelo. Siyophinde futhi sigcine izinhlobo zangaphambilini Zalomgomo Wobumfihlo ezintweni zethu ezilondoloziwe ukuthi ukwazi ukuwubona kabusha.ndo ukubuyekeza.

Izinqubo eziqondene nomkhiqizo

Lezi zaziso ezilandelayo zichaza ngezinqubo zobumfihlo ezithize mayelana nemikhiqizo ye-Google kanye nezinhlelo ongazisebenzisa:

Ngolwazi olubanzi mayenala namanye amasevisi wethu amahle, ungavakashela Umhlahlandlela Wobumfihlo Womkhiqizo ye-Google.

Eminye imisebenzi elusizo ephathelene nobumfihlo nokuvikeleka ingatholakala emakhasini weznqubomgomo nemithetho ye-Google, kuhlanganisa:

"ukufinyelela kulwazi lakho lomuntu siqu"

Isibonelo, nge-Ideshibhodi ye-Google ungashesha futhi ubone kalula enye idatha ephathelene ne-akhawunti yakho ye-Google. Funda kabanzi.

"izikhangiso ozithola ziwusizo kakhulu"

Isibonelo, uma ujwayele uvakashela amawebhusayithi kanye namabhulogi mayelana nengadi, ungase ubone izikhangiso ezihlobene nengadi njengoba upheqa iwebhu. Funda kabanzi.

"amasevisi wokukhangisa"

Isibonelo, uma ujwayele uvakashela amawebhusayithi kanye namabhulogi mayelana nengadi, ungase uqale ukubona izikhangiso ezihlobene nale ntshisekelo njengoba upheqa iwebhu. Funda kabanzi.

"nezinye izinzwa"

Idivayisi yakho ingahle ibe nezinzwa ezinikezela ngolwazi ukusiza ukuqonda kangcono indawo yakho. Isibonelo, i-accelerometer ingacacisa izinto ezifana nesivinini, i-gyroscope ukuthola inkomba-ndlela yokuhamba. Funda kabanzi.

"qoqa ulwazi"

Lokhu kuhlanganisa ulwazi olufana nokusetshenziswa kwedatha yakho nezintandokazi, imilayezo ye-Gmail, iphrofayela ye-G+ izithombe, amavidiyo, umlando wokupheqa, usesho lwemephu, amadokhumenti, noma okunye okuqukethwe okusingathwe yi-Google. Funda kabanzi.

"hlanganisa ulwazi lomuntu siqu kusuka kusevisi eyodwa enolwazi, kufaka phakathi ulwazi lomuntu siqu, kusuka kwamanye amasevisi we-Google"

Isibonelo, uma ungene ngemvume ku-akhawunti yakho ye-Google futhi usesha ku-Google, ungabona imiphumela yosesho kusuka kuwebhu esesidlangalaleni, kanye namakhasi, izithombe, nokuthunyelwe kwe-Google+ kusuka kubangani bakho kanye nabantu obaziyo noma obalandelayo ku-Google+ bangase babone okuthunyelwe kwakho nephrofayela emiphumeleni yabo. Funda kabanzi.

"xhumana nabantu"

Isibonelo, ungase uthole iziphakamiso zabantu ongase ubazi noma ofuna ukuxhumana nabo ku-Google+, ngokususela kothintana nabo onabo kweminye imikhiqizo ye-Google, njenge-Gmail kanye nabantu othintana nabo bangabona iphrofayela njengesiphakamiso. Funda kabanzi.

"ikhadi lesikweletu"

Nakuba thina njengamanje singaceli ikhadi lesikweletu ngesikhathi ubhalisa, ukuqinisekisa iminyaka yakho ngomsebenzi omncane wekhadi lesikweletu ngenye indlela yokuqinisekisa ukuthi uyahlangabezana nezimfuneko zethu zeminyaka yobudala esimeni lapho i-akhawunti yakho ikhutshaziwe ngemva kokufaka usuku lokuzalwa elikhombisa ukuthi awumdala ngokwanele ukuthi ube ne-akhawunti ye-Google. Funda kabanzi.

"qala ezintsha"

Isibonelo, isofthiwe yokuhlola ukupela ye-Google yaqanjwa ngokuhlaziya usesho lwangaphambilini lapha abasebenzisi balungise khona ukupela kwabo. Funda kabanzi.

"izihlonzi zedivayisi"

Izihlozi zedivayisi zazisa i-Google ukuthi iyiphi idivayisi ehlukile oyisebenzisayo ukufinyelela amasevisi wethu, engasetshenziswa ukwenza ngezifiso isevisi yethu kudivayisi yakho noma ukuhlaziya noma yiziphi izinkinga zedivayisi eziphathelene namasevisi wethu. Funda kabanzi.

"ulwazi oluqondene nedivayisi"

Isibonelo, uma uvakashela i-Google Play kusuka kudeskithophu yakho, i-Google ingasebenzisa lolu lwazi ukukusiza ukunquma ukuthi imaphi amadivayisi ongathanda ukuthi ukuthenga kwakho kutholakale khona ukuze kusetshenziswe. Funda kabanzi.

"thuthukisa isipiliyoni sakho somsebenzisi"

Isibonelo, amakhukhi asivumela ukuthi sihlaziye ukuthi abasebenzisi baxhumana kanjani namasevisi wethu. Funda kabanzi.

Njengezinye izinkampani zobuchwepheshe kanye nezokuxhumana, i-Google njalo ithola izicelo ezivela kuhulumeni nezinkantolo emhlabeni wonke ukuze inikeze ngedatha yomsebenzisi. Funda kabanzi.

"beka umkhawulo wokwabelana noma izilungiselelo zokubonakala"

Ngokwesibonelo, ungakhetha izilungiselelo zakho ukuze igama nesithombe sakho kungaveli kusikhangiso. Funda kabanzi.

"kuxhunyaniswe nolwazi olumayelana nokuvakasha kumasayithi amaningi"

I-Google Analytics isuselwe kumakhukhi wenhlangano yokuqala. Idatha ekhiqizwe nge-Google Analytics ingaxhunyaniswa, kusetshenziswa ubuchwepheshe be-Google, ukuya kumakhukhi wenkampani yangaphandle, ngokuhlobene nokuvakashela kwamanye amawebhusayithi, isibonelo uma umkhangisi afuna ukusebenzisa idatha yayo ye-Google Analytics ukuze idale izikhangiso ezihambisana kakhulu, noma ukuze ihlaziye ngokuqhubekayo ithrafikhi yayo. Funda kabanzi.

"kungenzeka siqoqe futhi sicubungule ulwazi mayelana nendawo yakho uqobo"

Isibonelo, i-Google Amamephu ingabeka phakathi ukubukwa kwamamephu endaweni yakho yamanje. Funda kabanzi.

"kungenzeka ingasebenzi kahle"

Isibonelo, sisebenzisa ikhukhi elibizwa ngokuthi i-'lbcs' elenza kwazeke ukuhti ukwazi ukuvula i-Google Amadokhumenti kusiphequluli esisodwa. Funda kabanzi.

"nozakwethu"

Sivumela amabhizinisi athenjwayo ukusebenzisa amakhukhi noma ubuchwepheshe obufanayo ngokwezinjongo zokukhangisa nokucwaninga kumasevisi wethu. Funda kabanzi.

"inombolo yegoni"

Isibonelo, uma ungeza inomgolo yefoni njengenketho yokutakula, uma ukhohlwa iphasiwedi yakho i-Google ingakwazi ukukuthumela umlayezo wombhalo onekhodi ukukuvumela ukuthi uyisethe kabusha. Funda kabanzi.

"vikela i-Google kanye nabasebenzisi bethu '

Isibonelo, uma ukhathazekile ngokufinyelela okungagunyaziwe kuya ku-imeyili yakho, "Umsebenzi we-akhawunti wokugcina" ku-Gmail ukukhombisa ulwazi olumayelana nomsebenzi wakamuva ku-imeyili yakho, njengekheli le-IP elifinyelele i-imeyili yakho, indawo ehambisanayo, kanye nesikhathi nedethi Funda kabanzi.

"ukwabelana"

Isibonelo, nge-Google+, unezinketho eziningi zokwabelana ezahlukahlukene. Funda kabanzi.

"ukwabelana nabantu ngokushesha nakalula"

Isibonelo, uma umuntu usevele ungoxhumana naye, i-Google izoqedela ngokuzenzakalelayo igama lakhe uma ufuna ukumengeza kumlayo ku-Gmail. Funda kabanzi.

"abantu ababaluleke kakhulu kuwena ku-intanethi"

Isibonelo, uma wena uthayipha ikheli enkambini ye-To, Cc noma ku-Bcc yomlayezo owudalayo, i-Gmail izophakamisa amakheli kusuka kuhlu lothintana nabo. Funda kabanzi.

"ukwenza kubelula ukwabelana ngezinti nabantu obaziyo"

Isibonelo, uma uke wakhuluma nothile nge-Gmail futhi ufuna ukumengeza ku-Google Amadokhumenti noma umcimbi ku-Google Ikhalenda, i-Google yenza kubelula ukwenza kanjalo ngokuqedela ngokuzenzakalela ikheli lakhe le-imeyili uma uqala ukuthayipha igama lakhe. Funda kabanzi.

"buka bese uxhumane nezikhangiso zethu"

Isibonelo, njalo sibika kubakhangisi ukuthi noma sisebenzise izikhangiso zabo ekhasini nokuthi uma ngabe leso sikhangiso sasingase sibonwe abanye abasebenzisi (njengoba kuqhathaniswa, isibonelo, ukuba yingxenye yekhasi lapho abasebenzisi bazange bapheqela khona). Funda kabanzi.

"kungenzeka sabelane ngokuhlanganisiwe, ulwazi olungabonakali lomuntu siqu esidlangalaleni"

Uma abantu abaningi baqala ukusesha okuthile, ingabanikezela ngolwazi olusizayo mayelana namathrendi athile ngaleso sikhathi. Funda kabanzi.

"Izindawo zokufinyelela kwi-Wi-Fi nemibhoshongo yezingcingo"

Ngokwesibonelo, i-Google ingakwazi ukuqagela indawo yedivayisi yakho ngokusekelwe kwindawo eyaziwayo yemibhoshongo yezingcingo eseduze. Funda kabanzi.

"imiphumela yosesho ehlobene kakhulu"

Isibonelo, singenza usesho luhlobane kakhulu futhi luthandeke kuwe ngokufaka izithombe, nokuningi okuvela kuwe nabangani bakho.

Funda kabanzi

"ukususa okuqukethwe kwakho"

Isibonelo, ungasusa Umlando wewebhu, ibhulogi lakho, i-Google Site okungeyakho, Isiteshi sakho se-YouTube, iphrofayela yakho ye-Google+ noma yonke i-akhawunti yakho ye-Google.

Ungabona okunye kwalokhu ku-Google Amathrendi naku-Amathrendi we-YouTube.

Izinhlelo zokusebenza ze-Google
Imenyu eyinhloko