Imigomo Yesevisi ye-Google
Kugcine ukubuyekezwa 1 Mashi 2012
Siyakwamukela ku-Google!
Siyabonga ngokuthi usebenzisa imikhiqizo nezinhlelo zethu (Amasevisi). Izinhlelo zihlinzekwa i-Google Inc. (“u-Google”) ese-1600 Amphitheatre Parkway, Mountain View, CA 94043, United States.
Ngokusebenzisa izinhlelo zethu, uyavumelana nalemibandela. Uyacelwa ukuthi uyifunde ngokucophelela>
Izinhlelo zethu zahlukahlukene kakhulu, ngakho kwesinye isikhathi kungasebenza imibandela eyengeziwe noma izidingo zomkhiqizo (okubandakanya izidingo zobudala). Imibandela eyengeziwe iyotholakala Ezinhlelweni ezifanele kanti leyo mibandela eyengeziwe iba ingxenye yesivumelwane sakho nathi uma usebenzisa lezo Zinhlelo.
Ukusebenzisa uhlelo lwethu
Kufanele ulandele noma imiphi imigomo eyenzelwe wena ohlelweni.
Ungazixhaphazi izinhlelo zethu Isibonelo, ungagxambukeli ohlelweni lwethu noma uzame ukufinyelela kulona usebenzisa indlela noma imiyalelo ehlinzekwe ithina. Ungasebenzisa izinhlelo zethu ngendlela egunyazwe umthetho kuphela, okubandakanya imithetho yokulawula ukuthumela nokwamukela izinto. Kungenzeka simise okwesikhasha noma siyeke ukuhlinzeka izinhlelo zethu kuwena uma ungahambisani nemibandela noma imigomo yethu noma uma siphenya ngokungaziphathi kahle okusolwayo.
Ukusebenzisa izinhlelo zethu akukwenzi umnikazi kwanoma iliphi ilungelo lempahla yokucatshangiwe Ezinhlelweni zethu noma okuqukethwe ofinyelela kukho. Ngeke ukwazi ukuthi usebenzise okuqukethwe ohlelweni lwethu ngaphandle uma uthole imvume kumnikazi wawo noma uma uvunyelwe umthetho ngandlela thize. Le mibandela ayikunikezi ilungelo lokusebenzisa nanoma ikuphi ukuthuthukisa umfanekiso noma ama-logo asetshenziswa ezinhlelweni zethu. Ungasusi, usithe noma uguqule noma iziphi izaziso zomthetho ezivezwe nohlelo lwethu noma kulo uqobo
Okunye okuvezwa izinhlelo zethu akusikhona okwaka-Google. Lokhu okuqukethwe kubhekene nalowo okwakhayo kuphela. Kungenzeka sihlole okuqukethwe ukubona ukuthi kusemthethweni yini noma kuphambana nemigomo yethu kanti singasusa noma senqabe ukuveza okuqukethwe esikholwa ukuthi kuphambana nemigomo yethu noma kuphambana nomthetho. Kodwa lokho akuchazi nje ukuth sihlola okuqukethwe ngakho ungacabangi ukuthi senze njalo.
Mayelana nokusebenzisa kwakho uhlelo, singakuthumelela izimemezelo, imiyalezo yokulawula, kanye neminye imininingwane. Ungakhetha ukungabi ingxenye yokunye kwalokho kuxhumana.
I-akhawunti yakho yakwa-Google
Kungenzeka udinge i-akhawunti yakwa-Google ukuze usebenzise ezinye Zezinhlelo zethu. Ungazakhela eyakho i-akhawunti yakwa-Google, noma unganikezwa i-akhawunti yakwa-Google uyinikezwa umengameli, njengomqashi wakho noma isikhungo sakho semfundo. Uma usebenzisa i-akhawunti yakwa-Google oyinikezwe umengameli, kungenzeka kusebenzi imibandela eyehlukile noma eyengeziwe kanti umengameli wakho kungenzeka akwazi ukufinyelela noma ukuvala i-akhawunti yakho.
Uma uthola ukuthi kukhona noma iluphi uhlobo lokusetshenziswa olungagunyaziwe lwephasiwedi noma i-akhawunti yakho,landela imiyalelo.
Ukuvikelwa Kobumfihlo kanye Nelungelo lokukopisha
Imigomo yobumfihlo yakwa -Google iyachaza ukuthi siyisebenzisa kanjani imininingwane yakho nanokuthi sibuvikela kanjani ubumfihlo bakho uma usebenzisa uhlelo lwethu Ngokusebenzisa izinhlelo zethu, uyavuma ukuthi u-Google engasebenzisa lemininingwane efana nalena ehambisana nemigomo yethu yokuphepha.
Siyaphendula uma sithola izaziso zokwephulwa kwelungelo lokukophisha okusolekayo bese sivala ama-akhawunti kwalabo abakuphindayo ukuphulwa komgomo njengokubekiwe emthethweni i-U.S. Digital Millennium Copyright Act.
Sihlinzeka ngolwazi ukusiza ababambe ilungelo lokukopisha ukuthi balawule izimpahla zabo zomqondo emoyeni. Uma ucabanga ukuthi khona umuntu ophambana nelungelo lakho lokukopisha, futhi ufuna ukusazisa, ungathola imininingwane mayelana nokuthumela izicelo ngomgomo wakwa-Google omayelana nokuphendula ezazisweniEsikhungweni sethu Sosizo.
Okwakho okuqukethwe Ezinhlelweni zethu
Ezinye izinhlelo zethu zikuvumela ukuthi uthumele izinto. Uyabugcina ubunikazi kwanoma imaphi amalungelo empahla yokucabanga onawo kuleyonto. Ngamanye amazwi okungokwakho kuhlala kungokwakho.
Uma ulayisha noma uthumela ngenye indlela into Ezinhlelweni zethu, unikeza u-Google (kanye nalabo esisebenza nabo) emhlabeni wonke jikelele isigunyazo sokusebenzisa, sethule, silondoloze, sakhe kabusha, siguqule, senze imisebenzi esuselwe (njengaleyo esuke ekuhunyushweni, ukuboniselwa noma ezinye izinguquko esizenzayo ukuze izinto zakho eziqukethwe zisebenze kangcono nezinhlelo zethu), uxhumana, ushicilela, udlala emphakathini, uveza emphakahtini noma usabalalisa leyonto equkethwe. Amalungelo owahlinzekayo kuleso sigunyazo enzelwe inhloso enomkhawulo wokusebenzisa, ukuthuthukisa, kanye nokwamukela Izinhlelo zethu nokwenza ezintsha. Isigunyazo siyaqhubeka ngisho ngabe uyama ukusebenzisa uhlelo lwethu (isibonelo, ukwenziwa kohlu lwebhizinisi olengeze ku-Google Maps). Ezinye izinhlelo kungenzeka zikuhlinzeke ngezindlela zokufinyelela nokususa izinto eziqukethwe esezihlinzekwe kulolo hlelo. Kwezinye izinhlelo zethu, kunemibandela noma izisetho ezinciphisa ububanzi bokusebenzisa kwethu okuqukethwe okuthunyelwe kulezo zinhlelo. Qinisekisa ukuthi unamalungelo afanele ukusinikeza isigunyazo sanoma ikuphi okuqukethwe okuthumele ohlelweni lwethu.
Ungathola eminye imininingwane mayelana nokuthi abasebenzisi bakwa-Google kanye nokuqukethwe okulondoloziwe emgomeni wokuphepha noma imibandela eyengeziwe Ezinhlelweni ezithize. Uma uthumela umbono wakho noma iziphakamiso mayelana Nohlelo, kungenzeka sisebenzise umbono wakho noma iziphakamiso ngaphandle kokukubophezela.
Mayelana nesofutiwe Ezinhlelweni zethu
Uma uhlelo ludinga noma lubandakanya amasofutiwe alandekayo, le sofutiwe ingabuyekeza ngokwayo edivayisini yakho uma sekunenhlobo entsha. Ezinye izinhlelo zingakuvumela ukuthi uhlele izisetho zakho zokubuyekeza okuzenzekelayo.
U-Google ukunikeza isigunyazo sakho somhlaba wonke, esingakhokhelwa, esingadluliseki nekungesakho kuphela ukuze usebenzise isofutiwe ohlinzekelwe yona u-Google njenge ngxenye Yohlelo. Lesi sigunyazo senzelwe kuphela ukukuvumela ukuthi usebenzise uphinde uthokozele imivuzo Yohlelo oluhlinzekwe u-Google, ngendlela egunyazwe ilemibandela. Awuvumelekile ukuthi ukopishe, uguqule, usabalalise, udayise noma uthelise nganoma iyiphi ingxenye Yohlelo lwethu noma okuyingxenye yesofutiwe, kanti futhi awuvumelekile ukuguqula noma uzame ukususa ikhodi ewumthombo yesofutiwe, ngaphandle uma umthetho ukuvimba lokho kunqanda noma ume unemvume ebhalwe phansi.
Isofutiwe yomthombo ovulekile ibalulekile kuthina. Amanye amasofutiwe asetshenziswa ezinhlelweni zethu kungenzeka ahlinzekwe ngaphansi kwesigunyaziso somthombo ovulekile esingenza ukuthi ufinyelele kuwo. Kungenzeka kube khona ukubalulwa okusesigunyazweni somthombo ovulekile esingaphezulu kwalemibandela.
Ukuguqula kanye Nokuvala Uhlelo lwethu
Sihlale njalo siguqula futhi sithuthukisa izinhlelo zethu. Kungenzeka sengeze noma sisuse izinto ezithize eziyingxenye futhi kungenzeka simise uhlelo okwesikhashana noma unomphela.
Ungayeka ukusebenzisa uhlelo lwethu noma inini, yeze kuyosiphatha kabi ukukubona usishiya. U-Google naye angayeka ukukuhlinzeka Ngezinhlelo noma engeze noma enze imikhawulo emisha Ezinhlelweni zethu noma inini.
Sikholwa ukuthi ungumnikazi wemininingwane yakho kanti ukugcina ukufinyelela kwakho kuleyo mininingwane kubalulekile. Uma simisa uhlelo, uma kungenzeka, siyokwazisa kusenesikhathi sikunike nethuba lokukhipha imininingwane yakho kulolo hlelo.
Amawaranti kanye Nezihlangululo zethu
Sihlinzeka izinhlelo zethu sisebenzisa izinga lekhono elilingene ngokwezimboni kanye nokunakekela futhi siyethemba uyokuthokozela ukuzisebenzisa. Kodwa kunezinto ezithize esingazithembisi Ezinhlelweni zethu.
Ngaphandle uma kubekwe kwacaca kulemibandela noma eyengeziwe, u-Google noma abahlinzeki bawo noma abasabalalisi abenzi zethembiso ezithize mayelana Nezinhlelo. Isibonelo, akukho ukuzibophezela esikwenzayo mayelana nokuqukethwe ezinhlelweni zethu, ukusebenza okuthize Kohlelo, noma ukwethembeka kwakho, ukuba khona, noma ukukwazi kwazo ukuhlangabezana nezidingo zakho. Sihlinzeka Uhlelo “njengoba lunjalo”.
Ezinye izindawo zihlinzeka iziqiniseko ezithize, njengesiqiniseko sokudayisa, ukulungela inhloso ethize kanye nokulandelwa. Sizibeka eceleni zonke iziqiniseko ngokuvunyelwe umthetho.
Ukubhekana Nezinhlelo zethu
Uma kuvume umthetho, u-Google, abahlinzeki kanye nabasabalalisi bawo ngeke babhekane nokulahlekelwa inzuzo, amarevenyu, noma imininingwane, ukulahlekelwa kwezimali noma ukulimala okuqondile, okungenxa yezimo ezikhethekile, okuyisibonelo noma okokujeziswa.
Ngokuvunywe umthetho, okubhekene no-Google, abahlinzeki nabasabalalisi bawo, kunoma ikuphi ukumangalelwa, okubandakanya noma siphi isiqinisekiso, kunomkhawulo wemali osikhokhele yona ukusebenzisa Uhlelo (noma, uma sikhetha ukuphinde sikuhlinzeke Ngohlelo).
Kuzo zonke izimo, u-Google, abahlinzeki kanye nabasabalalisi bawo, ngeke babhekane nanoma ikuphi ukulahleka noma ukulimala obekungeke kubonakale ngaphambili kokuthi kwenzeke.
Siyaqonda ukuthi kwamanye amazwe, kungenzeka sibe namalungelo omthetho njengabathengi. Uma usebenzisa Izinhlelo ngezizathu eziqondene nawe, akukho lutho kulemibandela noma eminye imibandela eyengeziwe ezibeka umkhawulo kunoma imaphi amalungelo omthengi okungenzeka angavezwa isivumelwane.
Ukusetshenziswa Kohlelo lwethu ngokwebhizinisi
Uma usebenzisa uhlelo lwethu umele ibhizinisi, lelo bhizinisi lamukela lemibandlela. Iyokwenza ukuthi u-Google, asebenzisana nabo, osohhovisi, ama-ejenti, kanye nezisebenzi zingathinteki ekubekweni icala, ukumangalelwa noma ukuthathelwa izinyathelo okuyingxenye noma okuhlobene Nohlelo noma ukwephulwa kwemibandela okubandakanya nonoma ikuphi ukubhekana noma izindleko eziqhamuka ekumangalelweni, ukulahlekelwa, ukulimala, ukubekwa icala, ukwahlulelwa, izindleko zecala kanye nezimali zokukhokhela abameli.
Mayelana nemibandela
Kungenzeka siguqule imibandela noma imiphi eminye imibandela eyengeziwe esebenza Ohlelweni mhlampe njengokukhombisa umthetho noma ushintsho ohlelweni lwethu. Kufanele ujwayele ukubheka imibandela. Siyoposa izaziso zokuguqulwa kwalemibandela kuleli khasi. Sizoposa isaziso semibandele eyengeziwe eguquliwe Ohlelweni olufanele. Izinguquko ngeke kusebenze uma sekwedlulile kanti kuyosebenza ngokushesha kunezinsuku ezilishumi nane emva kokuba ziposiwe. Kodwa-ke izinguquko eziqondene nezinto ezintsha Zohlelo noma izinguquko ezenzelwe izizathu zomthetho ziyosebenza ngokushesha. Uma ungavumelani nemibandela yohlelo eguquliwe, kufanele umise ukusebenzisa kwakho Uhlelo.
Uma kunokushayisana kulemibandela kanye nemibandela eyengeziwe, imibandela eyengeziwe iyolawula lokho kushayisana.
Lemibandela ilawula ubudlelwane phakathi kuka-Google kanye nawe. Ayenze nanoma imaphi amalungelo okuzuza kwabaseceleni.
Uma ungahambisani nalemibandela, nathi futhi kungabi bikho esikwenzayo ngokushesha, lokho akuchazi ukuthi sidedela noma imaphi amalungelo esingaba nawo (njengokuthatha izinyathelo esikhathini esizayo).
Uma kwenzeka ukuthi umbandela othile awusebenziseki, lokhu ngeke kube nomthelela kweminya imibandela.
Izinkantolo zakwamanye amazwe ngeke zisebenzise umthetho wase-California kwenzinye izingxabano. Uma uhlala kwelinye lalawo mazwe, lapho khona ungasebenzi umthetho wase-California, kuyosebenza owasezweni lakho ezimpikiswaneni ezihlobene nalemibandela. Kungenjalo uyavuma ukuthi umthetho wase-California, e-U.S.A., ubekwa eceleni uthetho wase-California wemithetho, uyosebenza kunoma iyiphi impikiswane engenxa noma ehlobene nalemibandela noma Uhlelo. Nakanjalo, uma izinkantolo ezweni lakho zingakuvumeli ukuthi uvumelane nokwahlulelwa kanye nendawo yezinkantolo ezise Santa Clara, County, e-California, e-U.S.A,ukwahlulelwa kwasendaweni yangakini kanye nendawo kuyosebenza kulezo zimpikiswano kulemibandela. Kungenjalo, konke ukumangala okungenxa noma okuhlobene nalemibandela noma uhlelo kuyokwahlulelwa eceleni ezinkantolo zomthetho wezwe lwase-Santa Clara County, e-California, e-USA kanti futhi wena no-Google niyovumelana ekuhlulelweni kwabantu kelezo zinkantolo.
Ukuthola imininingwane mayelana nokuxhumana no-Google, ucelwa ukuthi uvakasheleikhasi lethu lokuxhumana.
