Lena inguqulo efakwe kwingobo yomlando Yemigomo Yesevisi yethu. Buka inguqulo yamanje noma zonke izinguqulo ezidlule.

Imigomo Yesevisi ye-Google

Kugcine ukubuyekezwa Okthoba 25, 2017 (buka izinhlobo ezilondoloziwe)

Siyakwamukela ku-Google!

Siyabonga ngokuthi usebenzisa imikhiqizo nezinhlelo zethu (Amasevisi). Izinhlelo zihlinzekwa i-Google LLC (“u-Google”) ese-1600 Amphitheatre Parkway, Mountain View, CA 94043, United States.

Ngokusebenzisa izinhlelo zethu, uyavumelana nalemibandela. Uyacelwa ukuthi uyifunde ngokucophelela>

Izinhlelo zethu zahlukahlukene kakhulu, ngakho kwesinye isikhathi kungasebenza imibandela eyengeziwe noma izidingo zomkhiqizo (okubandakanya izidingo zobudala). Imibandela eyengeziwe iyotholakala Ezinhlelweni ezifanele kanti leyo mibandela eyengeziwe iba ingxenye yesivumelwane sakho nathi uma usebenzisa lezo Zinhlelo.

Ukusebenzisa uhlelo lwethu

Kufanele ulandele noma imiphi imigomo eyenzelwe wena ohlelweni.

Ungazixhaphazi izinhlelo zethu Isibonelo, ungagxambukeli ohlelweni lwethu noma uzame ukufinyelela kulona usebenzisa indlela noma imiyalelo ehlinzekwe ithina. Ungasebenzisa izinhlelo zethu ngendlela egunyazwe umthetho kuphela, okubandakanya imithetho yokulawula ukuthumela nokwamukela izinto. Kungenzeka simise okwesikhasha noma siyeke ukuhlinzeka izinhlelo zethu kuwena uma ungahambisani nemibandela noma imigomo yethu noma uma siphenya ngokungaziphathi kahle okusolwayo.

Ukusebenzisa izinhlelo zethu akukwenzi umnikazi kwanoma iliphi ilungelo lempahla yokucatshangiwe Ezinhlelweni zethu noma okuqukethwe ofinyelela kukho. Ngeke ukwazi ukuthi usebenzise okuqukethwe ohlelweni lwethu ngaphandle uma uthole imvume kumnikazi wawo noma uma uvunyelwe umthetho ngandlela thize. Le mibandela ayikunikezi ilungelo lokusebenzisa nanoma ikuphi ukuthuthukisa umfanekiso noma ama-logo asetshenziswa ezinhlelweni zethu. Ungasusi, usithe noma uguqule noma iziphi izaziso zomthetho ezivezwe nohlelo lwethu noma kulo uqobo

Okunye okuvezwa izinhlelo zethu akusikhona okwaka-Google. Lokhu okuqukethwe kubhekene nalowo okwakhayo kuphela. Kungenzeka sihlole okuqukethwe ukubona ukuthi kusemthethweni yini noma kuphambana nemigomo yethu kanti singasusa noma senqabe ukuveza okuqukethwe esikholwa ukuthi kuphambana nemigomo yethu noma kuphambana nomthetho. Kodwa lokho akuchazi nje ukuth sihlola okuqukethwe ngakho ungacabangi ukuthi senze njalo.

Mayelana nokusebenzisa kwakho uhlelo, singakuthumelela izimemezelo, imiyalezo yokulawula, kanye neminye imininingwane. Ungakhetha ukungabi ingxenye yokunye kwalokho kuxhumana.

Amanye amasevisi wethu ayatholakala kumadivayisi weselula. Ungawasebenzisi amasevisi anjalo ngendlela ekuphazamisayo futhi egwemela ukuba uthobele imithetho yethrafikhi noma yokuphepha.

I-akhawunti yakho yakwa-Google

Kungenzeka udinge i-akhawunti yakwa-Google ukuze usebenzise ezinye Zezinhlelo zethu. Ungazakhela eyakho i-akhawunti yakwa-Google, noma unganikezwa i-akhawunti yakwa-Google uyinikezwa umengameli, njengomqashi wakho noma isikhungo sakho semfundo. Uma usebenzisa i-akhawunti yakwa-Google oyinikezwe umengameli, kungenzeka kusebenzi imibandela eyehlukile noma eyengeziwe kanti umengameli wakho kungenzeka akwazi ukufinyelela noma ukuvala i-akhawunti yakho.

Ukuze uvikele i-akhawunti yakho ye-Google, gcina iphasiwedi yakho iyimfihlo. Unesibopho somsebenzi owenzeka ku-akhawunti yakho ye-Google noma ngayo. Zama ukuthi ungasebenzisi futhi iphasiwedi ye-akhawunti yakho ye-Google kuzinhlelo zokusebenza zezinkampani zangaphandle. Uma uthola ukuthi kukhona noma yiluphi uhlobo lokusetshenziswa okungagunyaziwe kwephasiwedi yakho noma i-akhawunti ye-Google, landela le miyalo.

Ukuvikelwa Kobumfihlo kanye Nelungelo lokukopisha

Imigomo yobumfihlo yakwa -Google iyachaza ukuthi siyisebenzisa kanjani imininingwane yakho nanokuthi sibuvikela kanjani ubumfihlo bakho uma usebenzisa uhlelo lwethu Ngokusebenzisa izinhlelo zethu, uyavuma ukuthi u-Google engasebenzisa lemininingwane efana nalena ehambisana nemigomo yethu yokuphepha.

Siyaphendula uma sithola izaziso zokwephulwa kwelungelo lokukophisha okusolekayo bese sivala ama-akhawunti kwalabo abakuphindayo ukuphulwa komgomo njengokubekiwe emthethweni i-U.S. Digital Millennium Copyright Act.

Sihlinzeka ngolwazi ukusiza ababambe ilungelo lokukopisha ukuthi balawule izimpahla zabo zomqondo emoyeni. Uma ucabanga ukuthi khona umuntu ophambana nelungelo lakho lokukopisha, futhi ufuna ukusazisa, ungathola imininingwane mayelana nokuthumela izicelo ngomgomo wakwa-Google omayelana nokuphendula ezazisweniEsikhungweni sethu Sosizo.

Okwakho okuqukethwe Ezinhlelweni zethu

Ezinye izinhlelo zethu zikuvumela ukuba ulayishe, uhambise, ulondoloze, uthumele noma uthole okuqukethwe. Uyabugcina ubunikazi kwanoma imaphi amalungelo empahla yokucabanga onawo kuleyonto. Ngamanye amazwi okungokwakho kuhlala kungokwakho.

Uma ulayisha, uhambisa, ulondoloza, uthumela noma uthola okuqukethwe noma ngokusebenzisa amasevisi wethu, unikeza i-Google (nalabo esisebenza nabo) ilayisensi yomhlaba wonke ukusebenzisa, ukusingatha, ukulondoloza, ukukhiqiza kabusha, ukushintsha, ukudala imisebenzi esuselwe (njengaleyo eholela kusuka ekuhumusheni, ezincwadini noma ezinye izinguquko esizenzayo ukuze okuqukethwe kwakho kusebenza kangcono namasevisi wethu), ukukhulumisana, ukushicilela, ukwenza obala, ukubonisa emphakathini nokusabalalisa kokuqukethwe okunjalo. Amalungelo owahlinzekayo kuleso sigunyazo enzelwe inhloso enomkhawulo wokusebenzisa, ukuthuthukisa, kanye nokwamukela Izinhlelo zethu nokwenza ezintsha. Isigunyazo siyaqhubeka ngisho ngabe uyama ukusebenzisa uhlelo lwethu (isibonelo, ukwenziwa kohlu lwebhizinisi olengeze ku-Google Maps). Ezinye Izinhlelo zingakuhlinzeka ngezindlela zokufinyelela nokususa okuqukethwe okuhlinzekwe kulolo Hlelo. Kwezinye izinhlelo zethu, kunemibandela noma izisetho ezinciphisa ububanzi bokusebenzisa kwethu okuqukethwe okuthunyelwe kulezi zinhlelo. Qinisekisa ukuthi unamalungelo afanele ukusinikeza isigunyazo sanoma ikuphi okuqukethwe okuthumele ohlelweni lwethu.

Izinhlelo zethu ezizenzakalelayo zihlaziya okuqukethwe kwakho (kanye nama-imeyili) ukuze izici zomkhiqizo zoqobo ezifanele, ezifana nemiphumelo yoshesho eyenziwe ngesifiso, ukukhangisa okuhambisanayo, nokutholwa kwe-malware. Lokhu kuhlaziya kwenzeka njengoba okuqukethwe kuthunyelwa, kutholwa noma futhi kubekwa.

Uma une-akhawunti ye-Google, singase sibonise igama lakho lephrofayela, isithombe sephrofayela, nezenzo ozenzayo ku-Google noma kuzinhlelo zokusebenza zezinkampani zangaphandle ezixhumene ne-akhawunti yakho ye-Google (njengokubekiwe +1, izibuyekezo ozibhalayo ngisho namazwana owathumelayo) kumasevisi wethu, kufaka phakathi ukubonisa kuzikhangiso nokunye okuqukethwe kwezentengiso. Sizohlonipha izinqumo ozenzayo zokubeka umkhawulo wokwabelana noma izilungiselelo zokubonakala ku-akhawunti yakho ye-Google. Ngokwesibonelo, ungakhetha izilungiselelo zakho ukuze igama nesithombe sakho kungaveli kusikhangiso.

Ungathola eminye imininingwane mayelana nokuthi abasebenzisi bakwa-Google kanye nokuqukethwe okulondoloziwe emgomeni wokuphepha noma imibandela eyengeziwe Ezinhlelweni ezithize. Uma uthumela umbono wakho noma iziphakamiso mayelana Nohlelo, kungenzeka sisebenzise umbono wakho noma iziphakamiso ngaphandle kokukubophezela.

Mayelana nesofutiwe Ezinhlelweni zethu

Uma uhlelo ludinga noma lubandakanya amasofutiwe alandekayo, le sofutiwe ingabuyekeza ngokwayo edivayisini yakho uma sekunenhlobo entsha. Ezinye izinhlelo zingakuvumela ukuthi uhlele izisetho zakho zokubuyekeza okuzenzekelayo.

U-Google ukunikeza isigunyazo sakho somhlaba wonke, esingakhokhelwa, esingadluliseki nekungesakho kuphela ukuze usebenzise isofutiwe ohlinzekelwe yona u-Google njenge ngxenye Yohlelo. Lesi sigunyazo senzelwe kuphela ukukuvumela ukuthi usebenzise uphinde uthokozele imivuzo Yohlelo oluhlinzekwe u-Google, ngendlela egunyazwe ilemibandela. Awuvumelekile ukuthi ukopishe, uguqule, usabalalise, udayise noma uthelise nganoma iyiphi ingxenye Yohlelo lwethu noma okuyingxenye yesofutiwe, kanti futhi awuvumelekile ukuguqula noma uzame ukususa ikhodi ewumthombo yesofutiwe, ngaphandle uma umthetho ukuvimba lokho kunqanda noma ume unemvume ebhalwe phansi.

Isofutiwe yomthombo ovulekile ibalulekile kuthina. Amanye amasofutiwe asetshenziswa ezinhlelweni zethu kungenzeka ahlinzekwe ngaphansi kwesigunyaziso somthombo ovulekile esingenza ukuthi ufinyelele kuwo. Kungenzeka kube khona ukubalulwa okusesigunyazweni somthombo ovulekile esingaphezulu kwalemibandela.

Ukuguqula kanye Nokuvala Uhlelo lwethu

Sihlale njalo siguqula futhi sithuthukisa izinhlelo zethu. Kungenzeka sengeze noma sisuse izinto ezithize eziyingxenye futhi kungenzeka simise uhlelo okwesikhashana noma unomphela.

Ungayeka ukusebenzisa uhlelo lwethu noma inini, yeze kuyosiphatha kabi ukukubona usishiya. U-Google naye angayeka ukukuhlinzeka Ngezinhlelo noma engeze noma enze imikhawulo emisha Ezinhlelweni zethu noma inini.

Sikholwa ukuthi ungumnikazi wemininingwane yakho kanti ukugcina ukufinyelela kwakho kuleyo mininingwane kubalulekile. Uma simisa uhlelo, uma kungenzeka, siyokwazisa kusenesikhathi sikunike nethuba lokukhipha imininingwane yakho kulolo hlelo.

Amawaranti kanye Nezihlangululo zethu

Sihlinzeka izinhlelo zethu sisebenzisa izinga lekhono elilingene ngokwezimboni kanye nokunakekela futhi siyethemba uyokuthokozela ukuzisebenzisa. Kodwa kunezinto ezithize esingazithembisi Ezinhlelweni zethu.

NGAPHANDLE KOKUBEKWE NGOKUCACILE KULEMIBANDELA NOMA EMIBANDELENI EYENGEZIWE, U-GOOGLE KANYE NABAHLINZEKI BAKHE NABASABALALISI ABENZI ZETHEMBISO MAYELANA NEZINHLELO. ISIBONELO, ASENZI SIBOPHEZELO MAYELANA NOKUQUKETHWE OHLELWENI, UKUSEBENZA OKUTHILE KWEZINHLELO NOMA UKWETHEMBEKA KWAZO, UKUBA KHONA KANYE NOKUKWAZI UKUHLANGABEZANA NEZIDINGO ZAKHO. SIHLINZEKA UHLELO “NJENGOBA LUNJALO”.

EZINYE IZINDAWO ZIHLINZEKA IZIQINISEKISO EZITHIZE NJENGESIQINISEKISWE ESIBEKWE NGOKUNGACACILE SOKUDAYISEKA KANYE NOKULUNGELA ISIDINGO ESITHIZE KANYE NOKUNGAGXAMBUKELI. NGOKUVUNYWE UMTHETHO, SIZIBEKA ECELENI ZONKE IZIQINISEKISO

Ukubhekana Nezinhlelo zethu

UMA KUVUME UMTHETHO, U-GOOGLE KANYE NABAHLINZEKI NABASABALALISI BAKWA-GOOGLE NGEKE BABHEKANE NOKULAHLEKELWA YINZUZO, IREVENYU NOMA IMINININGWANE, UKULAHLEKELWA IZIMALI NOMA UMONAKALO OYINHLOSO, OKHETHEKILE, ONGUMPHUMELA, OYISIBONELO NOMA OYISIJEZISO.

NGOKUVUNYWE UMTHETHO, UKUBANDAKANYEKA SEKUKONKE KUKA-GOOGLE, ABAHLINZEKI KANYE NABASABALALISI BAKHE KUNOMA IKUPHI UKUMANGALELWA NGAPHANSI KWALEMIBANDELA OKUBANDAKANYA NOMA IZIPHI IZIQINISEKISO KUKHAWULWE NGOKWENANI OSIKHOKHELE LONA UKUSEBENZISA UHLELO (NOMA UMA SIKHETHA UKUPHINDA FUTHI SIKUHLINZEKE NGALEZI ZINHLELO).

KUZO ZONKE IZIMO, U-GOOGLE KANYE NABAHLINZEKI BAKHE NABASABALALISI, NGEKE BABHEKANE NANOMA IKUPHI UKULAHLEKELWA NOMA UKULIMALA OBEKUNGEKE KUBONAKALE KUQALA.

Ukusetshenziswa Kohlelo lwethu ngokwebhizinisi

Uma usebenzisa uhlelo lwethu umele ibhizinisi, lelo bhizinisi lamukela lemibandlela. Iyokwenza ukuthi u-Google, asebenzisana nabo, osohhovisi, ama-ejenti, kanye nezisebenzi zingathinteki ekubekweni icala, ukumangalelwa noma ukuthathelwa izinyathelo okuyingxenye noma okuhlobene Nohlelo noma ukwephulwa kwemibandela okubandakanya nonoma ikuphi ukubhekana noma izindleko eziqhamuka ekumangalelweni, ukulahlekelwa, ukulimala, ukubekwa icala, ukwahlulelwa, izindleko zecala kanye nezimali zokukhokhela abameli.

Mayelana nemibandela

Kungenzeka siguqule imibandela noma imiphi eminye imibandela eyengeziwe esebenza Ohlelweni mhlampe njengokukhombisa umthetho noma ushintsho ohlelweni lwethu. Kufanele ujwayele ukubheka imibandela. Siyoposa izaziso zokuguqulwa kwalemibandela kuleli khasi. Sizoposa isaziso semibandele eyengeziwe eguquliwe Ohlelweni olufanele. Izinguquko ngeke kusebenze uma sekwedlulile kanti kuyosebenza ngokushesha kunezinsuku ezilishumi nane emva kokuba ziposiwe. Kodwa-ke izinguquko eziqondene nezinto ezintsha Zohlelo noma izinguquko ezenzelwe izizathu zomthetho ziyosebenza ngokushesha. Uma ungavumelani nemibandela yohlelo eguquliwe, kufanele umise ukusebenzisa kwakho Uhlelo.

Uma kunokushayisana kulemibandela kanye nemibandela eyengeziwe, imibandela eyengeziwe iyolawula lokho kushayisana.

Lemibandela ilawula ubudlelwane phakathi kuka-Google kanye nawe. Ayenze nanoma imaphi amalungelo okuzuza kwabaseceleni.

Uma ungahambisani nalemibandela, nathi futhi kungabi bikho esikwenzayo ngokushesha, lokho akuchazi ukuthi sidedela noma imaphi amalungelo esingaba nawo (njengokuthatha izinyathelo esikhathini esizayo).

Uma kwenzeka ukuthi umbandela othile awusebenziseki, lokhu ngeke kube nomthelela kweminya imibandela.

Imithetho yase-California e-U.S.A kubekwe eceleni imithetho yase-California emayelana nengxabano, iyosebenza kunoma iyiphi ingxabano eqhamuka kulemibandela noma Uhlelo. Konke ukumangalelwa okungenxa noma okuhlobene nalemibandela noma uhlelo kuyokwahlulelwa eceleni ezinkantolo zezwe e-Santa Clara Country, California, USA, kanti wena no-Google niyavumelana ekuhlulelweni kwabantu kulezi zinkantolo.

Ukuthola imininingwane mayelana nokuxhumana no-Google, ucelwa ukuthi uvakasheleikhasi lethu lokuxhumana.

Izinhlelo zokusebenza ze-Google
Imenyu eyinhloko