I-Google iyenza kanjani idatha ingaziwa

Ukwenza ngokungaziwa kungukucutshungulwa kwedatha okususa noma okushintsha ulwazi lokukhomba umuntu; kuholela kwidatha engaziwa engakwazi ukuhlotshaniswa nomunye noma umuntu. Futhi kuyinto ebalulekile kokuzibophezela kwe-Google ebumfihlweni.

Ngokuhlaziya idatha yokungaziwa, siyakwazi ukwakha imikhiqizo nezici eziphephile nezibalulekile, njengokuqedela ngokuzenzakalelayo kombuzo wosesho ofakiwe, ngokuthola kancgono ukusongela kokuvikela, njengobugebengu bokweba imininingwane ebucayi namasayithi ezinhlelo ezingazilungele ikhompyutha, konke ngesikhathi kuvikelwa ukukhonjwa komsebenzisi. Futhi singenza ngokungaziwa idatha ngaphandle, senze ukuthi kubaluleke kwabanye abantu naphandle kokubeka ubumfihlo babasebenzisi ebucayini.

Izindlela ezimbili esizisebenzisayo ukuvikela idatha yakho

Ukwenza ngokuvamile idatha

Kunezinye izinto zedatha ezixhumeka kalula kwabanye abantu. Ukuze sivikele labo bantu, sisebenzisa ukwenza ngokuvamile ukuze sisuse ingxenye yedatha noma simiselele enye ingxenye yayo ngevelu elivamile. Isibonelo, singasebenzisa ukwenza ngokuvamile ukumiselela amasegmenti wawo wonke amakhodi endawo noma izinombolo zefoni ngochungechunge olufanayo lwezinombolo.

Ukwenza ngokuvamile kusivumela ukuthi sifeze i-k-anonymity, igama lomkhakha elisetshenziswa ukuchaza indlela yokufihla ubunikazi babantu kwiqembu labantu abafanayo. Ku-k-anonymity, u-k kuyinombolo emela usayizi weqembu. Uma umuntu kwiseth yedatha, kubabantu be-k-1 abanezinye izinto, lapho ke sifezile i-k-anonymity kwisethi yedatha. Isibonelo, cabanga enye isethi yedatha lapho u-k alingana no-50 futhi into kuyikhodi ye-zip. Uma sibheka umuntu ngaphakathi wesethi yedatha, sizohlala sithola abanye abangu-49 abanekhodi ye-sip efanayo. Ngakho-ke, ngeke sikwazi ukukhomba umuntu kusuka kwikhodi yakhe ye-zip.

Uma abantu kwisethi yedatha babelana ngevelu elifanayo lokuzwela, ulwazi oluzwelayo lungavezwa kalula ngokwazi labo bantu bayingxenye yedatha embuzweni. Ukwehlisa lobu bucayi, singaphakamisa i-l-diversity, igama lomkhakha elivamile elisetshenziswa ukuchaza enye ileveli yobubanzi kulawo mavulu azwelayo. Isibonelo, cabanga ngeqembu labantu abasesha isihloko sezempilo esifanayo (isb. izimpawu zokhuhlane) bonke ngesikhathi esifanayo. Uma ubheka le sethi yedatha, bengeke sikwazi ukusho ukuthi ubani oseshe isihloko, siyabonga ku-k-anonymity. Kodwa, kungabakhona ukukhathazeka kobumfihlo njenboa wonke umuntu abelana ngesichasiso esizwelayo (okuyi. isihloko sombuzo). I-L-diversity isho ukuthi isethi yedatha eyenziwe ngokungaziwa ngeke iqukathe usesho lomkhuhlane kuphela. Kodwa, ingabandakanye olunye usesho eceleni komkhuhlane ukuvikela ngokuthuthukile ubumfihlo bomsebenzisi.

Ukungeza umsindo kwidatha

Ubumfihlo bokwehlukanisa (nalo igama lomkhakha elivamile) elichaza indlela yokungeza umsindo wezibalo kwidatha. Ngobumfihlo bokwahlukanisa, kunzima ukubona ukuthi ingabe umuntu uyingxenye yesethi yedatha ngoba ukuphuma kwe-algorithm enikiwe kubonakala ngokuphephile ngokufanayo, ngaphandle kokuthi ingabe ulwazi lomuntu lufakiwe noma lususiwe. Isibonelo, cabanga ngokulinganisela yonke ithrendi kusesho lomkhuhlane kuso sonke isiyingo sendawo. Ukuze sifeze ubumfihlo bokwehlukanisa, singeza isethi yedatha. Lokhu kusho ukuthi singangeza noma sikhiphe inombolo yabantu abasesha umkhuhlane enikiwe komakhelwane, kodwa ngokwenza kanjalo ngeke kuthinte isilinganiso sethu sethrendi kusiyingi esibanzi sendawo. Futhi kubalulekile ukuqaphela ukungeza umsindo kwisethi yedatha kungahle kungabi lusizo.

Ukwenza ngokungaziwa kuyinqubo eyodwa esiyisebenzisela ukunakekela ukuzibophezela kubimfihlo bomsebenzisi. Ezinye izinqubo zibandakanya ukulawula okuqinile ekufinyeleleni kwedatha yomsebenzisi, izinqubomgomo zokulawula nokukhawulela ukujoyina amasethi edatha engakhmba abasebenzisi, nokubuyekezwa okwenziwa maphakathi kokungaziwa nokubuswa kwedatha ukuqinisekisa ileveli elinganayo yokuvikela kuyo yonke i-Google.

Izinhlelo zokusebenza ze-Google
Imenyu eyinhloko